12 kuMfumfu 2015– Kusukela zili-12 kuMfumfu 2015 u-SARS uqale ukusebenzisa izinhlelo ezizobhekana nokusetshenzwa kahle kokubhaliswa kweQoqo leziNhlelo zoTshalomali (i-CIS) nokubhalisa ngokungaphoqwa kweNtelantengo kanjalo nokubhekelela ukubhaliswa kwabadayisi abancane abanzuzo yabo kokutheliswayo engakadluli ku-R50 000 ngonyaka. Uma ufisa ukudidiyela ndawonye imininingwane yakho ibe yiphrofayili eyodwa encike kuBunjalo Bezikhungo, sicela ukuba ubheke Ikhethelo lethu Lomhlahlandlela ozigabgaba wokudidiyela izikhungo kwi-eFiling.
Kusukela lulu-1 kuLwezi 2014, sekunekhethelo Elisha Lokudidiyela kwi-eFiling. Leli khethelo lizolekelela abakhokhintela, Abameleli Ababhalisiwe bezikhungo kanye NeZazi Zentela ukuba bakwazi ukudidiyela zonke izinhlobo zentela njengeNtelangeniso, kanye neNtela yabaSebenzi kanjalo neNtelamithekelo kanye neyezono ibe ndawonye ngaphansi kwephrofayili eyodwa yomuntu /yesikhungo. Isu-ngqangi: Ummeleli angamela umkhokhintela ezimweni ezikhethekile, isib. Umzali uma kungumntwana noma ongaphansi ngeminyaka, Umabilifa uma kusezindabeni zamafa. Ukudidiyelwa kwentela ngaphansi kwephrofayili eyodwa kufanele kwenziwe kanye. Okunye nokunye okubhaliswayo kuzoxhunyelelwa kwiphrofayili yomkhokhintela noma yesikhungo eyodwa. Ukubuyekezwa kwemininingwane ebhalisiwe kumele kuqhutshekwe nokwenziwa kwi-Fomu Lokuchibiyela Nokuqinisekisa Ukubhalisa i-RAV01.
Isu-ngqangi: Ukudidiyela akwenzeki nge-e@syFile™. Ngaphambi kokuba udidiyele, kufanele uqale ukuthombulule ukudidiyela. Abameleli Ababhalisiwe kanye neZazi Zentela bazodinga ukuthombulula ikhethelo lokudidiyela kwi-eFiling kwiphrofayili yomkhokhintela/yesikhungo ngamunye andukuba bayisebenzise. Abakhokhintela abangabodwana nje awabo amaphrofayili azobe esezithombululile Ukuthombuluka kumele kwenziwe :
Isigaba 1:Thombulula ukudidiyela kwi-eFiling. Iya kwiphrofayili yaleso sikhungo bese ucindezela u-‘Activate Registered Representative’ ngaphansi kwe‘SARS Registered Details’:
Kuzovezwa Isiqinisekiso Sabameleli. Sifundisise kahle.
Isigaba 2: Qoka u ‘I agree’ bese ucindezela u- ‘Continue’
Isigaba 3: Gcwalisa ngenombolonkomba yakho yentela ngaphansi kuka-‘ User Details’ we-eFiling bese ucindezela u-‘Activate Registered Representative’. Isu-ngqangi: Uma ukuthombuluka sekugunyaziwe, amalungelo-ke asenganikwa umsebenzisi ukuba ethule ukubhalisa okusha, kepha kuphela kuyokuba nguMmeleli Obhalisiwe ongasebenzisa ikhethelo lokudidiyela.
Uzokunikwa igunya lokungena ekhethelweni lokudidiyelwa, uma usuke wazifaka njengeSazi Sentela Esibhalisiwe kwiphrofayili yomkhikhintela/ yesikhungo. Isigaba 1: Iya ku- ‘Services’, cindezeka ku ‘My TP Configuration’ uphinde futhi ku-‘Practitioner Activation’
Kuzovezwa ‘ Isiqinisekiso SeZazi Zentela’ Sifundisise kahle.
Isigaba 2: Qoka u-I agree bese uqoka u- ‘Continue’
Isu-ngqangi: Uma ukuthombulula sekugunyaziwe, sekungabiwa amalungelo kubasebenzisi ukuba basebenzise ikhethelo lokudidiyela.
Ukuze Abameleli Ababhalisiwe baluphothule kahle uhlelo lokuthombulula, kuzodingeka ukuba uthumele lolu shicilelo olusekelayo (imininingwane eyisidingo) kuzokuya ngohlobo lwesikhungo:
Ubunjalo Besikhungo | Isigaba | Ngukuqokwa ngu: | Ushicilelo olusekela ukuqokwa |
---|---|---|---|
Kumuntu ngayedwana | Ummeleli | N/A | Umazisi (isib. Umazisi, Incwadi Yokuhambela) |
Inkampani | Umsebenzi Womphakathi | Ibhodi LabaQondidi | Incwadi Yokuqokwa koMmeleli Isaziso Sokuhlanganyela |
Iqomangcebo | Umbhekiqoma Omkhulu | Ibhodi LabaBhekiqoma | Incwadi Yegunya Isigunyazo Seqomangcebo |
Uhulumeni Isikhungo Somphakathi Isikhungo Sikahulumeni |
Umgcinimabhuku | Isaziso SikaHulumeni | Incwadi Yokuqokwa koMmeleli |
Iqembu lezombangazwe | Umgcinimafa | | Incwadi Yokuqokwa koMmeleli |
Iqembu | Umgcinimafa | Umgwamanda | Incwadi Yokuqokwa koMmeleli |
Umfelandawonye ongenzi nzuzo Inhlangano Yezenhlalakahle | Umgcinimabhuku | | Incwadi Yokuqokwa koMmeleli |
Ubulingani Ibhodi Yamalungu |
Umgcinimabhuku | Abalingani | Incwadi Yokuqokwa koMmeleli Isivumelwano Sobulingani |
Isu-ngqangi: Kungathatha izinsuku ezingaba ngama-21 zokuhweba ukuba amaphepha owalethile aqinisekiswe futhi abuyekezwe.
Ukuthombuluka kungagunyazwa noma kuchithwe
Elinye Isu-ngqangi: Lapho ukuthombuluka kuchithiwe, kuzodingeka uhambele igatsha lakwa-SARS ukuze uzoqinisekiswa njengoMmeleli Ogunyaziwe.
Uma ukuthombuluka sekuqinisekisiwe:
Uma sekusebenza ukudidiyela, qoka u-‘Merge Entities’ ngaphansi kuka-“ SARS Registered Details:
Uzobe sewudluliswa ngohlelo lwezigaba ezinhlanu ukuze kuqinisekiswe ukuthi zonke izinhlobo zentela zixhumeke kumkhokhintela/kwisikhungo esifanele:
Isigaba 1 – Qoka uMmeleli Obhalisiwe womkhokhintela/wesikhungo
Lokhu kuzobaluleka kwiZazi Zentela.
Isu-ngqangi: Kubakhokhintela abangabodwana, Izinkampani namaQomangcebo kuzokuba kunekhethelo elilodwa
Kufanele kulethwe imininingwane njengoMmeleli Ogunyaziwe hhayi eyeSazi Sezentela.
UMmeleli Ogunyaziwe ngumuntu oqokwe ngamalungelo agcwele ukuba anqume egameni lesikhungo esisemthethweni nokungavamile ukuba abe yiSazi Sezentela.
Isu-ngqangi: Isimo esikhethekile kuyokuba, ukwenza isibonelo, lapho Isazi Sentela eqokwe njengoMsebenzi Womphakathi njll wenkampani kanti usebenza futhi njengeSazi Sentela somunye umkhokhintela.
Isazi Sezentela kufanele siqinisekise nokhasimende ukuba ngubani okufanele abe nguMmeleli Obhalisiwe, andukuba aqoke kwi-eFiling.
Ushicilelo olusekelayo (ubufakazi obuyisidingo) loMmeleli Obhalisiwe kufanele luthunyelwe kwa-SARS.
Uma ukuthombuluka sekugunyaziwe:
Isigaba 2 – Imininingwane Emqoka Qoka ukubhalisa okusemqoka kwesikhungo nokuzokuba yilapho kuxhunyaniswe khona konke okunye okubhaliswayo njengeNtelangeniso okuzoxhunyelelwa kuyo iNtelantengo
Isu-ngqangi: Makusetshenziswe iminingwane ehambisana nesikhathi samanje
Isigaba 3 – Eminye imininingwane
Faka zonke ezinye izinhlobo zentela okufanele zixhunyelelwe kulo mkhokhintela/isikhungo
Isu-ngqangi: Gcwalisazonke izikhala eziyimpoqo, zizobe ziphawulwe ngokubomvu
Isigaba 4 – Buyekeza
Buyekeza yonke iminingwane ukuba ilungile andukuba uthumele isicelo kwa-SARS. Qinisekisa ukuthi imininingwane yekhasimende, inombolonkoma njll. Kufakifwe.
Isigaba 5 – Thumela
Qedela isiqinisekiso bese uthumela isicelo kwa-SARS
Isu-ngqangi: Uyokuya egatsheni lakwa-SARS .uma kuxhunywe inombolonkomba okungeyona ephrofayilini lomkhokhintela/lesikhungo. Lokhu kakulungiseki kwi-eFiling.
Ngeminye imininingwane ethe xaxa,bheka Ikhethelo lethu Lomhlahlandlela ozigabgaba wokudidiyela izikhungo kwi-eFiling.
Disclaimer
All information, content and data on SARS websites and associated facilities, including but not limited to software, hyperlinks and databases, is the property of or licensed to SARS and is protected under applicable South African laws. Unauthorised usage of content and/or information is strictly prohibited. No person, business or web site may reproduce this site, contents, information or any portion thereof.