Abaqashi sebengakwazi ukuthola Imiyalezo Yenqubeko mayelana nokuBhaliswa Komthamo WeNtelaNgeniso (i-ITREG), okumanje sebezokwazi ukuthola izinombolonkomba zeNtelangeniso zalabo basebenzi u-SARS akwazile ukubabhalisa ngempumelelo esebenzisa Isidalulo SokuLinganisa Sabaqashi (i-EMP501) ebesilethwe kuye. Umthamo we-ITREG uyazenzekela, kabili ngonyaka, ngemva kwezithuba zokulinganisa zabaqashi zonyaka nezesikhashana. Lapho umqashi eletha i-EMP501 yakhe yonyaka kumbe yesikhashana uhlelo lokubhaliswa kwabasebenzi abangayibhalisele Intelangeniso lube selwenziwa. Isu-ngqangi: Umthamo we-ITREG udinga ukuba kugcinwe uhlu lwemininingwane lohlelo lwe-inthanethi i-e@syFile™ Employer obelusetshenziswe ngesikhathi kwethulwa izilinganiso. Lapho kusetshenziswe uhlu olwahlukile, abaqashi ngeke bakwazi ukuthola izinombolonkomba zentelangeniso zabasebenzi ababhalisiwe. Esimweni esinjalo, uhlelo lolu luzokwakha imiyalezo eluleka ukuthi izitifiketi zekolinganisa okwedlule kazitholakali.
Ukuze uthole izinombolonkomba zeNtelangeniso, feza lezi zigaba ezilandelayo:
Uma usuphothule i- ITREG nge-e@syFile™ Employer, u-SARS uzokuthumelela umyalezo wezaziso eSikhungweni Sezaziso se-e@syFile™ Employer, lo myalezo uzokuhlinzeka ngesifinyezo semiphumela yezicelo zokubhalisa. Imiphumela lena ingabhekwa futhi ku-“View/Edit Employees” okutholakala kwi- e@syFile™ Employer lapho u-SARS ezokuhlinzeka ngombiko wokuqhubekayo mayelana nabasebenzi abangabhalisekanga kanye nezizathu zokungabhaliswa kwalabo basebenzi. Imiphumela ye-ITREG ungayithuthela kwifayela le-CSV nelingasetshenziselwa ukubuyekeza izicelo zezokuholela ngokuzenzakalelayo. Lolu hlelo lungatholakala ngokuqoka u- “Import/Export Payroll File” bese uqoka futhi ikhethelo lika-“Export”. Ngeminye imininingwane bheka umhlahlandelela wethu ku-e@syFile™ Employer user guide. Isu-ngqangi: Kulijoka lomqashi ukuqinisekisa ukuphusa kahle kwemininingwane ayihlinzeka abakwa-SARS lapho eyiletha kubo. Ngeminye iminingwane ngohlelo lokubhalisela abasebenzi Intelangeniso shayela i-Contact Centre yakwa-SARS ku–0800 00 (SARS) 7277 kumbe uvakashele igatsha lakwa-SARS eliseduze nawe.
Disclaimer
All information, content and data on SARS websites and associated facilities, including but not limited to software, hyperlinks and databases, is the property of or licensed to SARS and is protected under applicable South African laws. Unauthorised usage of content and/or information is strictly prohibited. No person, business or web site may reproduce this site, contents, information or any portion thereof.