IKHALENDA LENTELA
Leli khalenda lakhelwe ukuhlinzeka umhlahlandlela kubakhokhintela ngezinsuku ezingumnqamulajuqu zezigaba ezibalulekile kubakhokhintela.
Kubantu ngabodwana
- Umzuliswano Wentela – Isigaba Sentela sabantu ngabodwana sivame ukuqala kusukela ngoNtulikazi kuze kube ngoLwezi (kubakhokhintela abomelele), kuthi abakhokhintela besithutshana bazoba nesikhathi kuze kuphele uMasingana ukuba bafake okwabo nge-eFiling. Uma ukhohlwe igamamfihlo vakashela ikhasi lethu bese ushayela i-call centre yethu ukuze ufake elisha kalula nje.
- Intela Yesithutshana- Ukulethwa nokukhokhelwa kwentela yesithutshana yabantu (i-IRP6) kungo-31 kuNcwaba (Isithuba sokuqala), 28 kuNhlolanja (Isithuba sesibili) kanye no 30 kuMandulo (isithuba sesithathu)
Kubaqashi (i-PAYE)
Wonke amabhizinisi okudingeka ukuba azibhalisele i-PAYE, kumele alandele lolu hlaka olungezansi
- Nyanga zonke – i-EMP201 kumele ilethwe nyanga zonke –Ungakashayi umhla ka-7 wenyenga elandelayo kumbe uLwesihlanu lwangalelo langa uma umhla ka-7 ungena kwimpelasonto noma eholidini.
- Isithutshana (ngesikhathi sika1 kuNdasa kuya ku 31 kuNcwaba) – NgoMzuliswano Wokuthela wabaqashi beSikhashana lapho kulinganiswa i-EMP501 kusuka zingu-1 kuMandulo kuya ku-31 kuMfumfu
- Unyaka (ngesikhathi sika-1 kuNdasa kuya ku-28 kuNhlolanja) – Umzuliswano Wentela wonyaka wabaQashi usuka zingu-1 kuMbasa kuya ku-31 kuNhlaba.
Izinkampani
- Umzuliswano Wentela – Izinkampani, kuhlanganisa nezingama CC, Imifelandawonye, ama-Body Corporates, kudingekile ukuba alethe Imbuyiselo yengeniso: Izinkampnani neMifelandawonye (IT14) ezinyangeni ezili-12 kusukela ngosuku lokuphela konyaka wabo wezezimbali.
- Intela Yesithutshana – Ukufayela nokukhokha okwenziwa yizinkampani kwentela yesithutshana (i-IRP6) kuyizinyanga eziyi-6 ngemva kokuphela konyaka (Isikhathi sokuqala), Uma sekuphela unyaka wezimali (isikhathi sesibili) bese kuba yizinyanga eziyisithupha Ngemva kokuphela konyaka wezimali (isikhathi sesithathu)
Abadayisi
i-VAT (Intelantengo)
- Ngokuzenzela – ukulethwa nokukhokhelwa kwe-VAT201 kumele kwenziwe ngomhla wama-25 enyangeni. Kufanele kuqashelwe ukuba umdayisi ngamunya kungenzeka abe sesiyingini esihlukile se-VAT.
- Nge-inthanethi (eFiling) –ukuletha nokukhokhela i-VAT201 kufanele kwenziwe ngosuku lokugcina lokuhweba ngenyanga
Amabhizinisi amancane
Amabhizinisi amancane angena ngaphansi kwesinye salezi zigaba (CC, Imifelandawonye) kufanele alandele loluhlaka olubaluliwe
- Intela Yomthamo Wenzuzo
Amabhizinisi amancane abhaliselwe Intela Yomthamo Wenzuzo kufanele alandele uhlaka olungezansi: Intela Yomthamo Wenzuzo izothelwa minyaka yonke onyakeni wokubuyekezwa oqala ekuqaleni kukaNdasa womunye unyaka kuya kuNhlolanja wonyaka olandelayo. Uzofaka phakathi nezinkokhelo zangenyanga-sithupha (zesikhashana). Sicela Uqaphele *Sicela uqaphele ukuthi uma usuku oluhlonziwe luba ngeholidi lomphakathi kumbe ngempelasonto, usuku oyokufeza ngalo lo mgomo kuyokuba lusuku lokugcina lokuhweba ngaphambi kwalolo suku olubekiwe.