Visit the national COVID-19 Online Resource and News Portal at www.sacoronavirus.co.za or see SARS COVID-19 news items and tax relief measures here.

Calendar isiZulu

IKHALENDA LENTELA

Leli khalenda lakhelwe ukuhlinzeka umhlahlandlela kubakhokhintela ngezinsuku ezingumnqamulajuqu zezigaba ezibalulekile kubakhokhintela.

Kubantu ngabodwana

  • Umzuliswano Wentela – Isigaba Sentela sabantu ngabodwana sivame ukuqala kusukela ngoNtulikazi kuze kube ngoLwezi (kubakhokhintela abomelele), kuthi abakhokhintela besithutshana bazoba nesikhathi kuze kuphele uMasingana ukuba bafake okwabo nge-eFiling. Uma ukhohlwe igamamfihlo vakashela ikhasi lethu bese ushayela i-call centre yethu ukuze ufake elisha kalula nje. 
  • Intela Yesithutshana- Ukulethwa nokukhokhelwa kwentela yesithutshana yabantu (i-IRP6) kungo-31 kuNcwaba (Isithuba sokuqala), 28 kuNhlolanja (Isithuba sesibili) kanye no 30 kuMandulo (isithuba sesithathu)

Kubaqashi (i-PAYE)

Wonke amabhizinisi okudingeka ukuba azibhalisele i-PAYE, kumele alandele lolu hlaka olungezansi

  • Nyanga zonke – i-EMP201 kumele ilethwe nyanga zonke –Ungakashayi umhla ka-7 wenyenga elandelayo kumbe uLwesihlanu lwangalelo langa uma umhla ka-7 ungena kwimpelasonto noma eholidini.
  • Isithutshana (ngesikhathi sika1 kuNdasa kuya ku 31 kuNcwaba) – NgoMzuliswano Wokuthela wabaqashi beSikhashana lapho kulinganiswa i-EMP501 kusuka zingu-1 kuMandulo kuya ku-31 kuMfumfu
  • Unyaka (ngesikhathi sika-1 kuNdasa kuya ku-28 kuNhlolanja) –  Umzuliswano Wentela wonyaka wabaQashi usuka zingu-1 kuMbasa kuya ku-31 kuNhlaba.

Izinkampani

  • Umzuliswano Wentela – Izinkampani, kuhlanganisa nezingama CC, Imifelandawonye, ama-Body Corporates, kudingekile ukuba alethe Imbuyiselo yengeniso: Izinkampnani neMifelandawonye (IT14) ezinyangeni ezili-12 kusukela ngosuku lokuphela konyaka wabo wezezimbali.
  • Intela Yesithutshana – Ukufayela nokukhokha okwenziwa yizinkampani kwentela yesithutshana (i-IRP6) kuyizinyanga eziyi-6 ngemva kokuphela konyaka (Isikhathi sokuqala), Uma sekuphela unyaka wezimali (isikhathi sesibili) bese kuba yizinyanga eziyisithupha Ngemva kokuphela konyaka wezimali (isikhathi sesithathu)

Abadayisi

i-VAT (Intelantengo)

  • Ngokuzenzela – ukulethwa nokukhokhelwa kwe-VAT201 kumele kwenziwe ngomhla wama-25 enyangeni. Kufanele kuqashelwe ukuba umdayisi ngamunya kungenzeka abe sesiyingini esihlukile se-VAT.
  • Nge-inthanethi (eFiling) –ukuletha nokukhokhela i-VAT201 kufanele kwenziwe ngosuku lokugcina lokuhweba ngenyanga

 Amabhizinisi amancane

Amabhizinisi amancane angena ngaphansi kwesinye salezi zigaba (CC, Imifelandawonye) kufanele alandele loluhlaka olubaluliwe

  • Intela Yomthamo Wenzuzo

Amabhizinisi amancane abhaliselwe Intela Yomthamo Wenzuzo kufanele alandele uhlaka olungezansi: Intela Yomthamo Wenzuzo izothelwa minyaka yonke onyakeni wokubuyekezwa oqala ekuqaleni kukaNdasa womunye unyaka kuya kuNhlolanja wonyaka olandelayo. Uzofaka phakathi nezinkokhelo zangenyanga-sithupha (zesikhashana).   Sicela Uqaphele *Sicela uqaphele ukuthi uma usuku oluhlonziwe luba ngeholidi lomphakathi kumbe ngempelasonto, usuku oyokufeza ngalo lo mgomo kuyokuba lusuku lokugcina lokuhweba ngaphambi kwalolo suku olubekiwe.

Table of Contents

Share this page on:
Facebook
Twitter
LinkedIn
Email
Print